lirik.web.id
a b c d e f g h i j k l m n o p q r s t u v w x y z 0 1 2 3 4 5 6 7 8 9 #

lirik lagu zakwe – b.i.s 2 (before isingle 2)

Loading...

[verse]

bathi zakwe ngenelela iphumile esporweni
gada kungaze kukhale insimbi, izingane ziphume eskolwen
iphumile ekhoneni, i~beef, ayiqhululwe ogqokweni
ngiwathanda womabili lamadoda, gogo skhotheni
injalo, usiba lungenhla, azibuyele ekubhaleni
iflow isayindathane, angani iborehole imbiwe ebaleni
sayiqobola ezintabeni, ibandla layivuma emgedeni
nganijova kudalo, ngisanganiphinda, okwe pfizer enyameni
asifele khona, ezama jongo, zikhuphula amasongo
sekukhuluma igoso, loyo umthombo, othembekile uqobo
owayewu mageza ngetogo, omunye umageza ngesbongo
mina umageza ngochopho, akorobhe zonke izibhicongo
ikanje, ibize ngikuf~kula, sonke sibona
sayishayela ihlombe, kanti ngapha ithanda ukuhlokoza
umkhonto ugwaze ekhaya, k~mele siwuvale lo mkhokha
ozosishayela udaka la, si~emende bese ziya khonka
vele ngiyahlofa, abakaze bangibize kakade
sengaze zibulalane ngikhona, ngikakaze ngifakaze
bathi angimise uskuva, inqola ingaze uphaphalaze
abanye bathi angimise uzulu, nje nami angisazi simakade
abantu bathi why ungamthintanga uzakwe mawu dissa
i mean, kwaba balile, uyibalile neyinkinga ezami dina
no maguluva akamufakanga ujenene mayi spitta
mina elami ijoko, ukuthi kuqaqeke ifindo abalitsinya
angeke ngi pick ama sides, ngiyekele i~main course
of the problem, mhlambe izolunga but angeke ngi~force
ngisuka kude nabo, lento ithanda uku exhaust
ngizoyingena nge 3 njengoba tshatha no selbeyonce

angeke si~give up, il do what i can do boys
angeke ngishaye iflop okwe mabala isayina uduboiz
but we can move on, ngiqala ngenza isfungo
mangidla abomrepha, elami icala lithethwa e~foodcourt
kunini sarepha, namanje abasihloniphi, abasiboni
elika mthaniya meke la~stricker, ngeke lingashawa igoli
nalama top ten lists, asigqilaza ngey’bomu
nishiya ojenene nifake abo boity nabo sho majozi
ano check i~coast, ngi ghost, usize ung~yihlokolozi
siyiqale emahontshi, lapho istafu sisikhwela okomlozi
ngibalapha izinhliziyo, nguqgikga kulesbhamu esingakhokhi
angani nawuphendula uringo, umculo usune politiki
kudala sangena empini, sagadla basibheka
sayiqala nge kwaito, kuthe kusenjalo, sadwadla nge rap
bavuthe inkakha isemgedeni, ung~yijahi izongena
bavuse inja ehlala emanxebeni, enga~bakkie okwe van

thina i~nonsense siyibona feri, singakhulumi
sathula kudala, sishawa k~ma sama, ngeke singathululi
from u~derrango no bantwini, abaphulwa kabuhlungu
kwalandela mina, base beyivala ku wena wodumo

ama golide ngiwabhaxe without ukuzinza ijozi
yal can keep the fame, mina angibhaleli ukubukwa ama groupi
bathi anginyuke ngathi cha, manginqaba anginiphoxi
lento ngizoyiphakamisa ngisekhaya, ng~yinqwaba ama~copy
kube sekunyakaza umzansi, ngutakula obishini
angani bese kuphele isikhathi eside engekho obathintile
akekho okhipha into eshisayo mina ngingakakhiphi
lokho kuyoba nzima, angani izimfundisi bazithola kimima
namakhehla ale hip hop, avumela ukuhluleka
kutanasa abafanyana nikhona, kulo mlilo enawuphepha
kwezaph~sh~ya till namanje, kusayi peni nephepha
akusenani, ngizowuthwala lo mthwalo, ngafunga mhla ngingena
kulikhuni ukuvumela ukukhula, wena ungekho mkhulu
into esesiyihlonipha ukuthi bewukhona la kungekho muntu
nina nahlehla kungena ama era, kanti nenza iphutha
manje sek~mele kuphinde kube yimina ozophipha lobumba
and kulesikhathi samanje kunzima uk~mbona onekhono
ukubona i~idol yakho ifuna i~idol k~ma idols
ayikhona, sekusele mina nje nani niyabona
zonke lezi engingazibalanga empini, ngizibanqa nebonda
from blaklez to pdot and n’veigh
akuna bhari engathinta uziri nge pen game
ngiyazi inqwaba iyazibuza, obani laba bantu
ilezi oyithola epitoli kuphela okwa dompass
k~mele indoda izibambe ziqine mayithinta ucebisa
angani ngihamba ngibuye nginjengo mlindo ku uphorisa
inqwaba esizenza amaculi, ubafana kwi tshisa
lento thina yasikhipha k~ma skwatta kamps, njengo infa
kungcono nabo basakhipha nje noma bebheda
bagqilaza uslikour, bathi aphushe noma izinga lehla
kulaba abenza abangakwazi, ngibawisa ngokushesha
nginidida ngama punch, okwa priddy ugly eginqwa ucassper
bengithi ngiyaniyeka, bathi ziri galela boy
izimo ezi thesta ubudoda bami, okwezinkinga zika murda bongz
my metaphors, akwenza ungazithembi from i~voice
similar to ‘i will hurt you’ ebethi urana ijozi
bathi noma ungathini, ungamthinti u~areece
ungamuthinti, u~younger chief, beno shane eagle
labo abashana bami, k~manje k~mele ngibathume
namanje mangiringa ngabo, ngeke baphendule
ngoba ingonyama mayibhonga, kunyakaza i~jangela
kudala nizidalela, sengiya fix, akuphakame iy’panela
bathi they got it on lock, mangifika ng~yi hacker
angani ngu~mastende, i run flats, mawu punch ngiyaphesha
yimi ujenene usomaqhuzu, umakhuza ngebhuzu
umaphuza mayebuza, bathi sifunda k~maphutha asadlula
unamba kgubuluza, kuphuzwe ne booze engaphuzwa
umagubha amathuna, abenomusa, abanika amathuba
usaka khuthuluza, ukuf~kuza impilo esayi~choose
nezikampani esengaphuma kuzo, basala nomvuzo
kwenye ngashiya isihlabathi, sasala savunda
kwenye ngashiya amagolide, isaka azange ngalinuka
umubese ubukhali nhlanga zonke makukhona onenkinga
konke kuhlele obala, ngicela ungizwe ngoba angithandi ukubhinca
ukube iqiniso asilifeli, bengeke siliphile
leli hubo, seliphenduke iginsa, so k~mele baliphinde
ithi singaxhamazeli, siyinsizwa ezingatatazeli
phela indaba isekuqaleni, ile ngxazu ebesingakayi phethi
bebethi asenze abakwenzayo, ngoba kufaka i~cent
imina i~voice ye gagasi, ngahlulwa njani, uku ride i~wave
with that said, ngithi anikhuphula amasokisi
noma icapital isayibhanga, ngeke sing~yiqala ibhizi
kwabazama ukungivala, angidinge ama visitor
and this, is just before single thuuuuh


Lirik lagu lainnya:

LIRIK YANG LAGI HITS MINGGU INI

Loading...