lirik.web.id
a b c d e f g h i j k l m n o p q r s t u v w x y z 0 1 2 3 4 5 6 7 8 9 #

lirik lagu nxumalo nkosingiphile – nidla nesitha etafuleni

Loading...

ngane zobaba, obani laba abakhuluma ngomhlaba
ngane zobaba nina nidla nesitha etafuleni
nina sebenifundise ukubulalana nodwa bukani amahlazo enu emarikana
ohh… kwasiphinda okwasenza esandlwana, kusiphinda njena izingane zokuzalana
izinyanya nina zithule ziyanibuka nibulalana
nina niyojeza mhla nifika kwathongo

mina-ke ngisajezisiwe ngokulwela… izwe lethu
nina niqhoqhobele ezikhundleni ekubeni licindezelwa ibala lethu
ngikhuluma njena bozakwethu zilambile izingane zakwethu
ngizwile-ke ngokwenzakalayo ephalamende, yimani ngamatshe bafwethu nasi isitha phambi kwethu
ngizwile ngabafundi kwezemfundo abalwela izwe lethu
ngizwile ngokukhala kwezingane zethu nithule nibuka bozakwethu!
kwenzenjani bafwethu nacindezela ngisho ibala lethu
nina nidla nesitha etafuleni


Lirik lagu lainnya:

LIRIK YANG LAGI HITS MINGGU INI

Loading...