lirik lagu bandile da poet – thula mntwana
chorus (xoczin double dot)
thula, thula mntwana thula sana
thula umama uzobuya ekuseni
thula, thula mntwana thula sana
thula umama uzobuya ekuseni
thula, thula mntwana thula sana
thula umama uzobuya ekuseni
verse (bandile da poet)
kunomsindo engiwuzwayo
kunephimbo elinkenenezayo lithi “thula thula sana, thula mntwana umama uzobuya”
kodwa owami ng’yazibuza ukuthi uzobuya kanjani ebe eng’khiphile ebhodleleni wayongfaka emgqomeni
esami isiqalo sempilo siqale esiphethweni
ebunzimeni hleze s’yophelela emoyeni
mina bandla lakwethu ang’nalo igama
ngingajabula uma kukhona ofisa ukung’qamba
noma ngingaba ungoneni ngoba angazi ngangoneni
langikhona izinja z’yangithapha
amabhodlela ayanghlaba kanti nethumbu lami liyakhala
angithi mina ngingumlahlwa owazalwa ngephutha lenkanuko nokuhala
ngazalwa ngenhloso yemfudumalo yes’khashana kodwa seng’thola ukubanda kw~ngunaphakade
mama ngihleli emakhazeni izimvula z’yanginetha nenyama yami iyangokuphela, amatsheketshe ayang’qeda
umoya wami uya ngokuphela
nami mama beng’fisa ukuphila
ukuphiwa igama, beng’fisa ukuganga
bengf’isa ukuzwa umuzwa wokuthanda, wokukhala
wena mama kepha w~ngipha impilo yeskhashana
mama nginemibuzo, kungani?
kungani ung’phuce ithuba lokuphila hleze beng’yoba udokotela wamagama phecelezi “imbongi”
ngikubhalele inkondlo emnandi hleze ethi “mina umama ngiyamthanda”
mhlampe mama beng’yoba is’bani sakho sempilo
mhlampe ung’qambe umpilo
kepha wena mama w~ngincisha impilo
kodwa ke ang’bambe gqubu nansi nemphefumulo eyasala kulemiqgomo isinglanda
noma mama ungiphe inzondo kepha mina ng’yakuthanda
chorus (xoczin double dot)
thula, thula mntwana thula sana
thula umama uzobuya ekuseni
thula, thula mntwana thula sana
thula umama uzobuya ekuseni
thula, thula mntwana thula sana
thula umama uzobuya ekuseni
Lirik lagu lainnya:
- lirik lagu ¿teo? – uni2
- lirik lagu боро първи (boro purvi) – vivaldi
- lirik lagu shicago – 25 elements
- lirik lagu charmaine fong 方皓玟 – believe in live
- lirik lagu tammy rivera – crazy
- lirik lagu sexymoneyg – nylon
- lirik lagu lack of afro – you could do better
- lirik lagu lennymisunderstood – go go
- lirik lagu taylor mccants – no guarantee
- lirik lagu tesla boy – кровь на твоём лице (blood on your face)