lirik lagu nxumalo nkosingiphile - ngikwenzelani engkwenzayo
ngikwenzelani lokhu engikwenzayo
inhloso ukubukwa noma ukwenza umehluko
ngabe inhloso ukunconywa abantu yize ngizenza omunye umuntu
kungabe inhloso inani lemali engiyenzayo ngaphezu kwenani labantu engibasizayo
ngikwenzelani lokhu engikwenzayo
kukhona yini engikulindele kulona engimsizayo
ngimsizelani pho mangizobuye ngihlekise ng-ye
uk-msiza kwami akubi yini yijoka kuye
uk-msiza kwami kuvela enhlizweni noma ngiveza ubutho bami ezweni
ngempela, ngempela, ngikwenzelani lokhu engikwenzayo
kubalulekile yini ukuveza ukuthi yimi omsizile
mhla ehluleka ukungisiza yena, mina ngimzonde yini
ngimkhumbuze yini ukuthi ulapho ekhona kungenxa zami
‘ukube bekungesimi….’
ngiwasho yini wonke lamazwi
mayengabongi ngidube yini uk-msiza ngelinye ilanga
okubalulekile ukuphumelala kwakhe noma ukuveza isisekelo sami kukuphumelela kwakhe
ngikwenzelani lokhu engikwenzayo
nangu omunye obesebenza ngokuzikhandla
kungani ukuphumelela kwakhe ngikufanise nokuhluleka kwami
kungani ngingashayi izandla, nami nginawo amandla
phela mangibuze indlela kwabanolwazi
mangiyekele ukuzithwala ngivume ukuthi nami angazi
mangizehlise ngibuze mangifuna ukuba wutho
kungani ngikhuluma kakhulu kepha izenzo zami zingasho lutho
kungani ngingenazo izimpendulo
ngikwenzelani lokhu engikwenzayo
Lirik lagu lainnya:
- lirik lagu hyrum novacek - eres única
- lirik lagu zippo (ukraine) - районный пазл (rayonniy pazl)
- lirik lagu take one - 돈 (money)
- lirik lagu mateus manojo - graça & bondade
- lirik lagu page (pmc) - neler neler
- lirik lagu nukenjoy - 24 bitches
- lirik lagu vasas flora och fauna - honda monkey
- lirik lagu mehki raine - me against the world
- lirik lagu trapbeast - pagherai
- lirik lagu late night messages - it's nothing new